Amaphoyisa aphika eyokudlwengulwa komfundi yiphoyisa

Amaphoyisa esifundazweni saKwaZulu Natali aseyichithile imibiko esisabalele nalapho kusolwa khona elinye lamaphoyisa ngokudlwengula umfundi enyuvesi yaKwaZulu Natali.

Le nyuvesi ilokhu isematheni kulezi zinsuku ngenxa yemibhikisho yabafundi, izigameko zodlame kanye nokucekelwa phansi kwempahla.

Phambilini kuleli sonto abafundi bagxeke amaphoyisa ngokuba nesihluku, ukubabopha bengenze lutho kanye nezinsolo zokuthi omunye umfundi wesifazane wadlwengulwa yiphoyisa eMgungundlovu.

Amaphoyisa asezwakalise ukukhathazeka ngokusabalala kwalezi zinsolo, athi futhi alikho icala eselike lavulwa mayelana nalezi zinsolo.

“Siyavuma ukuthi umfundi e-Pietermaritzburg ulibikile icala lokuhlukunyezwa ngokocansi okwenzeka ngenkathi abafundi bedudulelwa emumva ngamaphoyisa futhi udaba kuyimanje kubhekwana nalo,” kuphendula amaphoyisa.

Obambe njengoKhomishana wamaphoyisa KwaZulu Natali, u-Major General Bhekinkosi Langa, uthi abakwazi ukuphenya ubugebengu obungabikiwe kanti futhi angeke bakwazi ukuqinisekisa ukuthi lesi sigameko senzeke ngempela.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

 Image: Wikipedia.org

 

Related Posts