Kulimale abangu-15 kugingqika itekisi eWestville

Abantu abayishumi nanhlanu balimale kanzima ngenkathi kuphaphalaza itekisi abebehamba ngalo maqede lagingqika amahlandla amaningi e-Westville, ngaphandle kweTheku.

Ngokwemibiko ehlukene yabosizo lokuqala, abakwa-ER24 kanye nabakwa-Rescue Care, le ngozi yenzeke ngeSonto, ngezikhathi zabo-07:30 ekuseni, emgwaqeni u-N3, ngaphambi kwa-Spaghetti Junction, uma ubheke ngaseThekwini.

Babika ukuthi ngenkathi befika endaweni yesigameko bafice leli tekisi lilele ngohlangothi lomshayeli eceleni komgwaqo, endaweni eyisikhotha.

“Abagibeli abaningi abebesetekisini batholakale behlezi noma bezulazula eduze nendawo yesigameko,” kubika abakwa-ER24.

“Inani leziguli eziyishumi nanhlanu zilimele kanti iningi leziguli zithole ukulimala okunzima,” kubika abakwa-Rescue Care.

Abalimele kubikwa ukuthi bathole ukwelashwa endaweni yesigameko ngaphambi kokuba baphuthunyiswe ngokwehlukana ezibhedlela eziseThekwini ukuze bathole okunye ukwelashwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Rescue Care

Related Posts