Kuhlekiswe ngeBafana ezinkundleni zokuxhumana ithola esinye isibhaxu

Liphendulwe ihlaya ezinkundleni zokuxhumana iqembu lesizwe lakuleli, iBafana Bafana, kulalendala ukubhaxatshulwa okwesibili kulandelana yiCape Verde ngo-2-1 emlenzeni wesibili womdlalo wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ngoLwesibili kusihlwa eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Lokhu kuthelwa isibhaxu kweBafana kwenza afiphala amathemba okuthi ikwazi ukuhlungelwa imidlalo yeNdebe yoMhlaba yango-2018 eRussia.

FUNDA NALOLU DABA: Isibamemezele abadlali abasha iChiefs

Ngemuva kwalo mdlalo umqeqeshi weBafana Bafana, ubebonakala ngisho ebusweni ukuthi uphoxeke kakhulu ngenxa yale miphumela.

Manje leli qembu lesizwe selihleli emsileni eqoqweni lika-Group D.

Abachithanga sikhathi abantu ezinkundleni zokuxhumana bezwakalisa ilaka labo ngokungenzi kahle kweBafana, ngenkathi abanye bephendule ihlaya leli qembu lesizwe.

Zilalelele ukuphawula kukamqeqeshi uStuart Baxter ngemuva kwalo mdlalo uphinde uzifundele ukuphawula okwehlukene kwabantu ezinkundleni zokuxhumana.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts