Owase-KZN owine iLotto unamaphupho amakhulu ngekusasa

Umlisa wakuleli oneminyaka elinganiselwa kwengu-45 ubudala usezibekele amaphupho amakhulu afuna ukuwafeza empilweni yakhe kulandela ukuhlabana nge LOTTO Plus jackpot yesamba semali esingu-R5.2 million ngomhlaka-8 August 2017.

Ngemuva kokuhlabana ngale mali , lo mlisa usephezu kwezinhlelo zokufezekisa iphupho abelokhu enalo kusekela eseyingane, nokuyiphupho lokuba ayeke ukuba umsebenzi kodwa kube uyena umqashi, ngokwesitatimende senkampani esingethe iLotto, iThuba.

Lo mlisa odabuka KwaZulu-Natal (KZN) unamaphupho amakhulu ngale mali yakhe, nokubalwa kuwo iphupho lokuba ngumlimi. “Ukukhulela emakhaya eKZN kwasho ukumbuleleka ngezolimo kusukela eminyakeni yobungane futhi ngangijabulela wonke umzuzu wokwelusa izinkomo. Kusukela eminyakeni yobungane, ngangazi ukuthi sengiyitholile intshisekelo yami futhi ngangifuna ukuba ngumlimi omkhulu.”

FUNDA NALOLU DABA: Abesilisa yibo abamoshayo ngama-credit card okunabesifazane

Kodwa-ke ukungabi namali kwamphoqa ukuba abe ngumsebenzi oqashwe ngokugcwele njengoba ethi kwakumele abeke isinkwa etafuleni futhi ubekudinga ukuba nemali engenayo.

Kodwa-ke uthi ubelokhu engalilahlile ithemba ngephupho lakhe lokwakha imisebenzi njengoba ethi ubelokhu engqongqoze njalo eminyangweni eyehlukene ngenhloso yokuthola uxhaso lwezezimali kodwa wachithwa yonke indawo. “Akekho umuntu owayefuna ukufaka imali ebhizinisini,” kusho lo mlisa owinile egcizelela ngokuthi noma kunjalo ubelokhu azi ukuthi iphupho lakhe liyogcina lifezekile.

“Ngaya egaraji futhi ngesikhathi befaka emotweni yami nganquma ukudlala iLotto kanye neLotto Plus. Ithikithi lami kwaba yi-quick pick futhi ngadlala ngo-R60.” Lelo thikithi yilo kanye elenza lo mlisa waseKZN ongubaba kanye nomyeni waba ngusozigidi omusha.

Ngale kokuba umlimi, lo mlisa uphezu kwezinhlelo zokwakhela umama wakhe umuzi aphinde alule nomuzi wakhe ahlala kuwona.

Ithuba selimhlinzeke ngosizo lokwelulekwa ngezezimali kanye nokwelulekwa ngokomqondo ukuqinisekisa ukuthi uthola ulwazi olufanele kanye nezinsiza zokubhekana nalo mcebo wakhe omusha.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

 

Related Posts