Abadlali beChiefs bazohlala izinyanga namasonto bengadlali

Izinkunzi zaseSoweto, iKaizer Chiefs, zizodlala imidlalo yazo elandelayo ngaphandle kwabanye babadlali bazo abathathwa njengabamqoka.

Lokhu kuvele ngemuva kokuthi le kilabhu idalule isimo sakamuva sabadlali bayo abebelimele kwi-wibsite yayo.

Simi kanje isimo sabadlali bale kilabhu ngokwehlukana, ngokobika kwale kilabhu:

Sibusiso Khumalo – Lo mdlali uthola ukwelashwa ngengemuva kokuba elimale edolweni eziqeqesha. Leli qembu lithi lo mdlali angeke adlale amasonto amathathu.

Tsepo Masilela – Lo mdlali uthola ukwelashwa ngemuva kukulimala edolweni. UTsepo wathola ukulimala ngemuva kokuthi iChiefs ithole isibhaxu sika-2-1 ishaywa yiSuperSport United. Kulindeleke ukuba abuyele enkundleni esikhathini esiyizinyanga ezintathu.

Teenage Radebe – Lo mdlali kulindeleke ukuba abuyele ekuziqeqesheni esikhathini esingamasonto angu-8 njengoba esalulama edolweni.

Ryan Moon – Lo mdlali uselulamile ngemuva kokulimala edolweni esekhempini yeBafana Bafana emasontweni amathathu edlule kanti kulindeleke ukuba aqale ukuziqeqesha ngokuphelele kuleli sonto.

Itumeleng Khune – Lo nozinti useluleme ngemuva kokungaphatheki kahle okuphathelene nesifuba. Amakhosi athi lo nozinti uqalile ukuziqeqesha ngoLwesihlanu olwedlule.

Emmanuel Letlotlo – Lo mdlali kuthiwa uqhuba kahle ngemuva kokwelashwa edolweni. IChiefs ithi kulindeleke ukuba abuyele ekuziqeqesheni ngemuva kwezinyanga ezine.

Ramahlwe Mphahlele – Lo mdlali uzothola ukwelashwa edolweni ngoMsombuluko ngemuva kokuba ebuye kwiBafana Bafana. Lo mdali wasemuva kulindeleke ukuba angalithinti ibhola isikhathi esilinganiselwa ezinyangeni ezine.

IChiefs ibe isifisela laba badlali bayo abalimele ukwelulama okusheshayo.

 

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Related Posts