BUKA: Ushaya ibuya kwi-soapie yakuleli obesehambe iminyaka emibili

Umlingisi wakuleli, uPam Andrews, nowaduma kakhulu emdlalweni kamabonakude oluchungechunge nodlala maphakathi nesonto ku-e.tv, iRhythm City, useshaya ibuya kulo mdlalo.

Ngokusho kwe-website yalesi siteshi, le ntokazi eyayidlala indawo kaGail October kulo mdlalo ngaphambi kokuba iwushiye ngonyaka ka-2015, izoqala ukubonakala komabonakude ngoLwesine, mhlaka-23 Novemba 2017.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Owesilisa egqema owesifazane ngesipanela waze wopha igazi

Ngaphezu kwalokho lo mlingisi uzobe elingisa kanye nendodana yakhe eneminyaka emihlanu ubudala, uCidjey, nezobe idlala indawo yokuba indodana yakhe nangokomdlalo nalapho ubaba wayo kuyinkakha yomlingisi walo mdlalo, uDavid Genaro. Indodana yona idlala indawo kaQuinton.

UPam utshele abakwa-e.tv ukuthi ujabule kabi ukuthi njengoba engumlingi nje nendodana yakhe nayo isilandela ezinyathelweni zakhe.

Zibonele ingxoxo ephelele nalo saziwayo lapha ngezansi:

Image: Rhythm City Twitter account

Related Posts