Izithombe zomshado obesekunesikhathi eside ulindelwe ngabomvu kuleli phakathi kukasaziwayo ongumethuli wezinhlelo kumabonakude, uMinenhle ‘Minnie’ Dlamini, kanye nesinqandamathe sakhe esamthembisa umshado ngaphambilini, uQuinton Jones, ziputshuke maqede zasabalala ezinkundleni zokuxhumana.
Le ndumezulu yomcimbi ibingoMgqibelo eKapa kanti ibihanjelwe yinqwaba yosaziwayo bakuleli abasemikhakheni eyehlukene.
Kuzokhumbuleka ukuthi ngaphambilini kwasabalala amahlebezi okuthi lezi zithandani zidayise amalungelo akhethekile okuqopha nokusakaza lo mshado, nokwakuthiwa zawadayisela isiteshi sikamabonakude esikhokhelwayo ngo-R6 million.
FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Ushaya ibuya kwi-soapie yakuleli obesehambe iminyaka emibili
Lo mshando kulindeleke ukuba udlalwe kwesinye seziteshi zakwa-DStv, iVuzu AMP ngenyanga ezayo ohlelweni oluzokwaziwa ngokuthi yi–Becoming Mrs Jones.
Kubikwa ukuthi izicukuthwane ebezihambele lo mcimbi bezidonswe ngendlebe ukuthi zingalokokuthi zithathe izithombe. Kodwa-ke kubukeka sengathi lezi zicukuthwane zihlulekile ukuzibamba njengoba ezinye zezithombe zalo mcimbi zigcine sezisabalelele ezinkundleni zokuxhumana.
Zibonele ngezansi ezinye zezithombe zalo mcimbi obuwubukhazikhazi:
So we have a leak #BecomingMrsJones pic.twitter.com/79YH3dXWOf
— Dudoo (@Dudoo_D) September 17, 2017
#BecomingMrsJones
Woow 😍😍😍👌🔥 🔥 #Vuzutv This could have been live pic.twitter.com/gBG5IVQeyU— Kuhle bbw (@ngquze) September 17, 2017
#BecomingMrsJones aibo who leaked the photos?
— MaShamase (@miss_mkhwanazi) September 17, 2017
Whichever guest that was invited to Minnie’s wedding and leaked those pics despite being asked not to post is trash!!! #BecomingMrsJones
— Zen Mthiyane (@zenzeh) September 17, 2017
I need to know the person who leaked it 😩😩#BecomingMrsJones
— ZANELE NENE (@zeny_anathi) September 17, 2017
Image: Minenhle Dlamini Twitter account