Usevulelwe icala umnikazi wemijovo okujovwe ngayo abafundi

Usevulelwe icala emaphoyiseni umnikazi wemijovo esetshenziswe ukujova abafundi basesikoleni samabanga aphansi iMooifontein Primary School, eKempton Park, eGoli.

UMnyango wezeMfundo eGauteng ukuqinisekisile ukuthi umfundi wakaGrade 4 utheleke nale mijovo esikoleni ngomhlaka-15 September 2017, nalopho kusolwa ukuthi yena kanye nabanye abangani bakhe ababili babe sebehlaba abanye abafundi ngale mijovo.

Ngokusho komndeni walo mfundi, usebenzise isikhwama sikadadewabo kanti ubone esesekilasini ukuthi kunemijovo ephakathi.

FUNDA NALOLU DABA: OKlebe babophe onogada beMeya ngokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni

“Isikole sazise abazali bezingane ezilinganiselwa ku-28 ezijoviwe, sabe sesibaluleka ngokuthi baphuthumise izingane zabo kubasizi bezempilo ukuze zithole ukubhekwa ngokwezempilo okudingekayo nokushesha,” kusho uMnyango.

UMnyango uqhube wathi isimo siye saba sibi kwabanye babafundi ngenxa yokuthi abazwananga nemishanguzo abanikwe yona efana nama-ARVs nokuyingxenye yohlelo lwe-Post Exposure Prophylaxis (PEP), nokuwuhlelo oluphuthumayo olusiza ekuvikeleni ekuthelelekeni nge-HIV. Kuthiwa abanye abafundi bavele baphalaza kanti abanye bebekhishwa izisu.

UMnyango uthi le mijovo esetshenzisiwe isiyiswe ukohlolwa e-laboratory.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image:

Related Posts