URamaphosa uzohola ithimba loMzansi eliyonxenxela ukusingatha iNdebe yoMhlaba eLondon

USekela Mengameli uCyril Ramaphosa uyena ozohola ithimba eliphezulu laseNingizimu Afrika eLondon njengoba lizokwenza izethulo kwi-World Rugby Council emkhankasweni welakuleli wokusingatha umqhudelwano weRugby World Cup 2023.

URamaphosa uzokwesekwa nguNgqongoshe wezemiDlalo nezokuNgcebeleka, uThulas Nxesi, kanye neSekela likaNgqongqoshe, uGert Oosthuizen.

Izethulo zeNingizimu Afrika zizoba seRoyal Garden Hotel, eKensington, London, ngoMsombuluko.

FUNDA NALOLU DABA: UBaxter usememezele isikwati seBafana esizodlala koweBurkina Faso

I-Ireland kanye neFrance kubikwa ukuthi ngamanye amazwe agaqele ukusingatha lo mqhudelwano ongeminye yemikhulukazi emhlabeni jikelele.

NgoLwesine ihhovisi likaMengameli lithe uMengameli Zuma ucele uSekela Mengameli Ramaphosa ukuthi ahole ithimba laseNingizimu Afrika njengoba yena (uMengameli Zuma) kuyijanje uhola ithimba laseNingizimu Afrika elihambele umhlangano wesi-72 we-United Nations General Assembly (UNGA72) eNew York. I-UNGA ihlelelwe kusukela mhlaka-19 kuze kube umhlaka-25 September 2017.

Ithimba eliphezulu lakuleli lizobe libandakanya noMengameli we-SA Rugby, uMark Alexander, kanye noyi-Chief Executive Officer, uJurie Roux.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikimedia Commons

Related Posts