Awaneme amakhasimende e-OVHD ngoshintsho lwama-satellite dish

Amanye amakhasimende asebenzisa i-OpenView HD (OVHD) asezwakalise ukungenami kulandela isimemezelo sakamuva esenziwe yile nkampani ngezinguquko ngolayini bayo bokusakaza.

I-OVHD wuhlelo lokusakaza olusebenzisa i-satellite dish noluhlinzeka ngeziteshi zikamabonakude kanye nezemisakazo. I-OVHD ayikhokhelwa nyangazonke kanti ingaphansi kwePlatco Digital, nokungenye yezinkampani eziphethwe yi-eMedia Group, nokukhona phakathi kwazo isiteshi sikamabonakude esingakhokhelwa, u-e.tv kanye nesiteshi esisakaza izindaba ubusuku nemini nesithokakala ku-DStv, i-eNews Channel Africa (eNCA).

I-OVHD ibithokala kolayini ababili bama-Satellite, nokuyi-SES-5 (lo layini udinga ukuthi i-satellite dish ibheke eNorth) kanye ne-IS-20 (lo layini udinga ukuthi indishi ibheke eNorth East).

FUNDA NALOLU DABA: Uyazivikela u-DStv ngokuphindaphinda izinhlelo

Ngesikhathi i-OVHD iqala ukusebenza kuleli ngonyaka ka-2013 yayisebenzisa uhlelo lwe-SES-5 nokwakwenza kube lula kubantu ababenama-Top TV (eyagcina isiyi-StarSat) ukuba baxhume ama-decoder abo kulezi zindishi. Ngokuhamba kwesikhathi igcine isisebenzisa nolayini we-IS-20, nokuwulayini osetshenziswa u-DStv.  

Kodwa-ke manje i-OVHD isimemezele ukuthi angeke isawusebenzisa lo layini we-SES-5, yabe isinxusa amakhasimende ayo asebenzisa lo layini ukuba aguqule ukuma kwezindishi zawo ukuze aguqukele kwi-IS-20 ngaphambi kokuba kushaye usuku olungumnqamulajuqu, nokuwumhlaka-30 November 2017.

Lokhu kusho ukuthi ngemuva komhlaka-30 November 2017 amakhasimende asebenzisa ulayini we-SES-5 azobe engasakwazi ukubuka omabonakude kuze kuba ashintshela kwi-IS-20.

Kodwa-ke lesi simemezelo asehlanga neze kahle kwamanye amakhasimende e-OVHD njengoba ekhala ngokuthi awanayo imali yokukhokhela abantu abangochwepheshe ekulungiseni izindishi, bathi i-OVHD bekumele kube iyona ethwala lezi zindleko.

La makhasimende azwakalise ukungenami kwawo ezinkundleni zokuxhumana.

Beziphendulela abakwa-OVHD bathe ingxenye engaphezu kuka-87% yababukeli bayo basebenzisa i-IS-20, yathi lokhu kusho ukuthi ikhokhela izindleko eziphindwe kabili yize noma bebancane ababukeli abasebenzisa uhlelo lwe-SES-5. Bathi bakholwa ukuthi bazokwazi ukuphucula izinsiza zabo baphinde bengeze nezinye iziteshi uma ngabe begxila kulayini owodwa.

views@liveexpress.co.za

news@liveexpress.co.za

Image: Wikimedia Commons

Related Posts