Sitholakale sesonakele isidumbu sendoda ebidukile

Amaphoyisa ase-Alexandra Road ePietermaritzburg abophe umsolwa ngezinsolo zokubulala kanye nokugqiba owesilisa oneminyaka engu-29 ubudala.

UMakhathini kwabikwa ukuthi udukile ngomhlaka-16 September 2017 esiteshini samaphoyisa eMountain Rise nalapho kwabe sekuqaliswa khona uphenyo ngokuduka komuntu.

Ngokusho kwesitatimende samaphoyisa, athola isidumbu sikaMakhathini esasesonakele endaweni okulahlwa kuyo udoti e-Ashburton ngemuva kophenyo olunzulu.

FUNDA NALOLU DABA: Umnyango uphika imibiko ethi ufuna ukusebenzisa u-R100b we-PIC

Sekuvulwe icala emaphoyiseni kanti kuzohlolwa isidumbu ukuze kutholakale ukuthi umufi washona nini kanye nokuthi kwaba yini imbangela yokushona kwakhe.

Umsolwa uzobekwa icala lokubulala kanti kulindeleke ukuba avele ePietermaritzburg Magistrates’ Court maduze.

Amaphoyisa athi alindele ukubopha omunye umsolwa njengoba uphenyo lusaqhubeka.

Obambe njengoKhomishana wamaPhoyisa KwaZulu-Natal uMajor General Bheki Langa uncome amaphoyisa ase-Alexandra Road kanye nawaseMountain Rise ngomsebenzi wawo.

Image: Public Domain Pictures

Related Posts