Abafundi abasebenzisa uVodacom sebezozitika mahhala nge-internet

Isikhondlakhondla senkampani yezokuxhumana kuleli uVodacom usumemezele ukuthi abafundi basezikhungweni zemfundo ephakeme sebezokwazi ukuyisebenzisa mahhala i-internet uma ngabe besebenzisa le-network.

Le nkampani yenze lesi simemezelo ngoLwesithathu esitatimendeni.

UVodacom uthi usuthathe isinqumo sokuthi ungabakhokhisi ngisho isenti abafundi basemanyuvesi kanye nabasebenzi abangamakhasimende kahulumeni.

Le nkampani ithi lokhu kuyimizamo yokubhekana nezinselelo zokumba eqolo kwezindleko zokufinyelela ezinsizeni zokufunda ezikhungweni zemfundo ephakeme.

FUNDA NALOLU DABA: Awaneme amakhasimende e-OVHD ngoshintsho lwama-satellite dish

“Ngalolu hlelo, uVodacom usevumele amanyuvesi aseNingizimu Afrika angu-19 kwangu-23, okubalwa ne-University of Cape Town (UCT), ukufinyelela mahhala kwi-internet,” ngokusho kwale nkampani esitatimendeni.

Oyi-Vice-Chancellor, yase-UCT, uDr Max Price: “I-University of Cape Town ibonga kakhulu kuVodacom ngokuhlinzeka ngezinsiza ezibaluleke kanje kubafundi kanye nakubasebenzi. Lolu sizo luzoba usizo kakhulu kubafundi bethu ngokuthi luzobavumela ukuthi benze umsebenzi wabo ngaphandle kwasesikhungweni ngaphandle kokukhathazeka ngezindlelo zama-data noma ngaphandle kokuba nesidingo sokuhambela esikhungweni.”

UVodacom uthi eminyakeni emine eyedlule usunciphise intengo yama-data kanye neyokushaya izingcingo ngo-60% kanye no-57%.

Le nkampani ithi iyavuma ukuthi kuningi okusamele kwenziwe ukuze abantu baseNingizimu Afrika bazuze kwezokuxhumana kanye nangezindleko eziphathele nezokuxhumana.

Image: Pixabay

Related Posts