Umphakathi unxuswa ukuba ulekelele kwesokubulawa kweSekela likaThishanhloko

UMnyango wezeMfundo eGauteng usunxuse noma ngabe ngubani ongaba nolwazi mayelana nesigameko sokubulawa nokudutshulwa kweSekela likaThishanhloko ukuba eze ngaphambili ukuze asize amaphoyisa.

Leli Sekela likaThishanhloko lesikole samabanga aphansi ladutshulwa labulawa lisemagcekeni esikole ngoLwesibili eDuduza e-East Rand, ngaseGoli.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Owesilisa egqema owesifazane ngesipanela waze wopha igazi

Kulesi sigameko esenzeka Edalinceba Primary School, kubikwa ukuthi kwatheleka abasolwa abathathu ababehlomile esikoleni, nabathi bazolungisa inkinga kagesi.

“Laba benzi bobubi babe sebengeniswa esikoleni. Babe sebedubula bebulala iSekela likaThishanhloko ehhovisini,” kusho uMnyango.

UNgqongqoshe wezeMfundo eGauteng, uPanyaza Lesufi, uzwakalise ukuthuka ngalesi sigameko, wabe esenxusa ukuba amaphoyisa ahlale ebonakala.

Image: Pixabay

Related Posts