IZITHOMBE: Besisibi isimo kwabe-ANC ngemuva kokushayana ngezihlalo

Siye sashuba isimo engqungqutheleni ye-ANC yokukhetha ubuholi e-Eastern Cape ngempelasonto njengoba izithunywa zigcine sezijikijelana ngezihlalo.

Kukholakala ukuthi impi ibiphakathi kwezinhlangothi ezimbili ebezingaboni ngaso linye ngabazohola iqembu kulesi sifundazwe.

Esiqeshaneni se-video esabalale ezinkundleni zokuxhumana kubonakala izihlalo ezimnyama kanye nezimhlophe zindiza emoyeni nebeziqhamuka nhlangothi zombili.

Kwenzeka lokhu nje ingoma ibisho ngaphakathi lapho bekuhlanganyele khona izithunywa kanti kubukeka sengathi iningi lazo bese ziphuma.

FUNDA NALOLU DABA: OKlebe babophe onogada beMeya ngokutholakala nezibhamu ezingekho emthethweni

Ngasekuphelene kwe-video kubonakala esinye sezithunywa engathi sizama ukukhuza kodwa kwaba nhlanga zimuka nomoya.

Kuphinde kube namanye ama-video akhombisa abantu abalimele bethola okwelashwa ngabosizo lokuqala ngaphambi kokuba baphuthunyiswe esibhedlela nge-ambulance.

Imibiko engaqinisekisiwe ithi ongungenani bangu-8 abantu abaphuthunyiswe esibhedlela ngemuva kwalesi sigameko.

Eminye imifanekiso ikhombisa izithunywa zilele phansi zopha igazi.

Zibonele imifanekiso eyehlukene emayelana nalesi sigameko ngezansi:

ISEXWAYISO: IMIFANEKISO ELANDELAYO INODLAME KANTI INGABAPHATHA KABI ABASHESHE BAZWELE.

 

Image: My ANC Twitter Account

Related Posts