BUKA: Abalandeli beChiefs bezikhalela kuDoctor Khumalo bethi akabuye

Isigejana sabalandeli beKaizer Chiefs sihluleke nawukuzibamba ngesikhathi sibona inkakha eyadlalela leli qembu uDoctor Khumalo.

UKhumalo ubesenkundleni yezemidlalo iMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo nalapho iChiefs ibhaxabulwe yiBaroka FC ngo-2-1. Kuyimanje iBaroka ihleli esicongweni se-log ye-Absa Premiership ngamaphuzu angu-15 kanti Amakhosi wona asendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-9.

Lo mphumela ubashiye benganeme neze abalandeli beChiefs njengoba abanye babo bekholwa ukuthi sekufanele umqeqeshi wayo uSteve Komphela abone afika ngayo. Ngemuva komdlalo kudingeke ukuba aphume enkundleni esegadwe amaphoyisa njengoba abanye abalandeli bebethi abamudle eluhlaza.

FUNDA NALOLU DABA: Kuhlekiswe ngeBafana ezinkundleni zokuxhumana ithola esinye isibhaxu

Ngaphambilini u-16 V, njengoba eteketiswa kanjalo uKhumalo, uke waba yingxenye yethimba labaqeqeshi kanti manje useyi-Technical Director kwiBaroka FC.

Selokhu ejoyine iBaroka leli qembu izinto zilokhu zilihambela kahle njengoba lingakahlulwa nakanye ngemuva kwemidlalo eyisikhombisa.

Esiqeshaneni se-video eqoshiwe kubonakala abalandeli beChiefs bememeza sakuphindelela bethi ‘buya’ ngesikhathi abanye bemxhawula.

Nokho akucaci ukuthi la balandeli bafuna uKhumalo azothatha siphi isikhundla kwiChiefs.

Zibonele isiqeshana se-video yalesi sigameko ngezansi:

Image: Wikimedia Commons

Related Posts