IHhovisi likaMengameli Zuma lichitha umbiko othi wazama ukuphisana ngendlu yesakhamuzi

IHhovisi likaMengameli Jacob Zuma seliwuchithile umbiko wephephandaba langeSonto oveza izinsolo zokuthi uMengameli wazama ukuphisana ngendlu ye-RDP okwakufanele itholwe esinye sezakhamizi.

Le ndlu okuthiwa kufanele itholwe yisakhamuzi uVelaphi Nkosi kubikwe ukuthi kwaba nemizamo yokuthi aphucwe yona ukuze inikwe umndeni wakwa Phalatse kulandela isithembiso esenziswa uMengameli Jacob Zuma sokuthi uzomakhela umuzi ngaphandle kokuba adlule emhlabeni.

NgeSonto iCity Press ibike ukuthi uNkosi (46) wathuka kwaphela nasozwaneni ngesikhathi ethola incwadi evela emnyangweni wezokuhlaliswa kwabantu eGauteng neyayimazisa ukuthi isihoxisiwe inombolo yendlu yomxhaso ayenikwe yona ngaphambilini ngenxa yesicelo esivela eHhovisini likaMengameli. Kuthiwa lokhu kwakuzokwenzelwa ukuthi le ndlu itholwe umndeni wakwaPhalatse.

FUNDA NALOLU DABA: Ziningi izivumelwano ezingase zisayinwe emhlanganweni phakathi kukaZuma noMugabe

Kodwa-ke iHhovisi likaMengameli ngoLwesibili lithe ziyaqhubeka izinhlelo zokwakhela umama ka-Ontlametse indlu endaweni yalo mndeni eseHebron, enyakatho nePitoli.

“Uhlelo lokwakhiwa kwendlu selufakiwe eMadibeng Local Municipality ukuze lugunyazwe. Uma selugunyaziwe, nokulindeleke emasontweni ambalwa ezayo, ukwakhiwa kwendlu kuzoqala,” kusho iHhovisi likaMengameli.

IHhovisi likaMengameli lithi nalo labikelwa ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ukuthi kunendlu eseMamelodi ephucwa umuntu okwakufanele ahlomule ngayo ukuze inikwe umndeni kaPhalatse.

Okunalokho leli hhovisi lithi yilona elangenelela ngokumisa ukunikezelwa kwale ndlu labe seliyalela ukuba inikezelwe kumuntu okufanele ayithole.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts