Kufufusa isiteleka samaholo kwa-SAA

Inkampani yezindiza kuleli iSouth African Airways (SAA) ithi isiyaziswe enye yezinyunyana zabasebenzi ngezinhloso zayo zokungenela isiteleka.

“U-SAA ungathanda ukuxwayisa amakhasindeme awo kanye nezinhlaka ukuthi le nkampani yezindiza isiyaziswe ngezinhloso zokungenela isiteleka enye yezinkampani. Lesi siteleka siwumphumela wokungavumelani ngokunyuswa kwamaholo phakathi komqashi kanye nenyunyana yabasebenzi,” kusho le nkampani yezindiza.

FUNDA NALOLU DABA: Umnyango uphika imibiko ethi ufuna ukusebenzisa u-R100b we-PIC

Inkampani engaphansi kuka-SAA nebhekele ukugcina ubuchwepheshe bale nkampani busesimweni i-SAA Technical (SAAT) yaziswe ngenhloso yokuteleka ngempelasonto ngenye yezinyunyana zabasebenzi kulandela isiphakamiso ebesibekwe yi-SAAT etafuleni.

I-SAA ibithembise ukuthi ngoLwesithathu ekuseni izokhipha imininingwane yakamuva ngemuva komhlangano nenyunyana ukuze yazise amakhasimende ukuthi lesi siteleka siyaqhubeka ngempela yini kanye nokuthi sikuphazamise kangakanani ukusebenza kwale nkampani yezindiza.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts