Kugxekwe ukushishwa nokudutshulwa kwemindeni yakwaSibiya eMatimatolo

Obambe njengokhomishana wamaphoyisa KwaZulu-Natal usegxeke ukuhlaselwa kwemindeni emibili yakwaSibiya eMatimatolo.

Ngokusho kwamaphoyisa KwaZulu-Natal, umndeni wakwaSibiya ubungaphakathi endlini kalawondi ngesikhathi kuzwakala kuqhuma isibhamu ngezikhathi zabo-21:00 endaweni yaseMbangweni, eMatimatolo.

“Amalungu omphakathi abhekile abe esebona indlu isha. Kwenziwe imizamo yokubatakula, ngebhadi umlilo ubungalawuleki. Wonke amalungu omphakathi amahlanu, owesifazane oneminyaka engu-60 ubudala kanye nezingane ezine ezineminyaka ephakathi kwemibili kanye nengu-16 bashone endaweni yesigameko,” kulandisa amaphoyisa.

FUNDA NALOLU DABA: IZITHOMBE: Amaphoyisa afuna lo wesifazane ngokunyamalala kwengane enezinyanga

“Kwesinye isigameko, ebangeni elingamamitha angu-100 ukuqhela nendawo yesigameko, kuphinde kwazwakala ukuqhuma kwesibhamu kanti enye indlu yomndeni wakwaSibiya enamalungu omndeni amane ibisha. Amalungu omphakathi akwazile ukutakula izingane ezintathu ezithole ukusha kodwa ngebhadi owesifazane oneminyaka engu-58 ubudala ushonele endaweni yesigameko. Ubenenxeba lokudutshulwa kanye nenxeba lokusha.”

Izingane kubikwa ukuthi ziphuthunyiswe esibhedlela nalapho ezimbili zazo zifike zashonela khona ngenxa yalokhu kulimala.

Imbangela yalezi zigameko zokuhlasela ayikaziwa okwamanje kanti sekuvulwe amacala angu-8 okubulala kanye nokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa eMatimatolo.

Image: Pixabay

Related Posts