Amabhishi angu-44 akuleli athole ama-Blue Flag status

Amabhishi angu-44 akuleli athole izitifiketi ze-Blue Flag status emcimbini obuse-Dolphin Beach, eJeffreys Bay, esifundazweni i-Eastern Cape.

Ungqongqoshwe wezokuvakasha uTokozile Xasa uthi amanye alama bhishi aklonyeliswe ngalezi zitifiketi ayekade enazo ngaphambili kodwa alehlekelwa yizona.

FUNDA NALOLU DABA: Abafundi abasebenzisa uVodacom sebezozitika mahhala nge-internet

Uhlelo lweBlue Flag lwaqala ukusebenza ngonyaka ka-1987 kanti luthathwa njengophawu lokuba sezingeni eliphezulu kwabhishi ngokwezokuphepha, inhlanzeko kanye nokugcinwa kwemvelo.

UXasa uncome igalelo elidlalwe uhlelo olwaziwa nge-Blue Flag Beach Steward project ngalokhu kuklonyeliswa kwalama bhishi nokuwuhlelo olubandakanya ukuqeqeshwa kwentsha ephuma emakhaya athathwa njengasemazingeni aphansi ukuze isebenze ukuphucula nokugcina lama bhishi esezingeni eliphezulu.

Image: Wikimedia Commons

 

Related Posts