IZITHOMBE: Badele imvula abalandeli be-DA bebhikisha ngaphandle komuzi wabakwaGupta

Idlanzana labalandeli beDomocratic Alliance (DA) lidele imvula ebiyidliva ngoLwesine ekuseni njengoba belibhikisha ngaphandle kwesithabathaba somuzi womndeni wakwaGupta endaweni yabadla izambane likapondo eSaxonwold, eGoli.

Umholi we-DA uMmusi Maimane uyena obehola lo mbhikisho wokulwisana nalokho leli qembu elikubiza ngokulawulwa kombuso kanye nenkohlakalo elithi idla lubi nelithi iqhutshwa uMengameli Jacob Zuma, i-ANC kanye nomndeni wakwaGupta.

Leli qembu likholwa ukuthi umuzi wakwaGupta oseSaxonwold yilapho uMengameli Zuma elawulwa khona ngabakwaGupta. Liqhuba lithi umndeni wakwaGupta usuphenduke osozigidigidi ekubeni ingxenye engaphezulu kukahhafu wabantu baseNingizimu Afrika ibhuqwabhuqwa yindlala.

FUNDA NALOLU DABA: #CosatuStrike: ‘UZuma akahambe, sesimulungele uRamaphosa’

I-DA ithi ikhethe ukumashela kulo muzi wakwaGupta ngoba ‘uyikomkhulu le nkohlakalo’.

Umholi we-DA uMaimane kubikwa ukuthi uye wayalelwa abalandeli beqembu ukuba aphume phansi kwesambulela abecashe ngaphansi kwaso ezivikela emvuleni njengoba beliyidliva.

Abanye babalandeli be-DA babonakala bezama ukuvikela imvula ngezingqwembe abebeziphethe.

Zibonele eminye yemifanekiso yalo mbhikisho ngezansi:

Image: Wikimedia Commons

Related Posts