Sekuzoba no-R5 abanobuso bowayengumholi we-ANC

Abantu baseNingizimu Afrika maduzane sebezokwazi ukusebenzisa u-R5 omusha onobuso beqhawe lomzabalazo elalingumholi we-African National Congress (ANC) u-Oliver Reginald Tambo, onyakeni lapho ebezobe ehlanganisa khona iminyaka engu-100 ubudala ukuba ubesaphila.

NgoLwesithathu iReserve Bank kanye ne-South African Mint bethule inqwaba yama-coins ayizinhlobo ezine ukuhlonipha lo mholi osadlula emhlabeni. Izinhlobo ezine zale mali zibandakanya lezo abantu abangakwazi ukuzithenga ngemali bese bezigcinela zona.

Abantu baseNingizimu Afrika banxuswe ukuba bangabe sebebambelela kulabo-R5 bangabe besafuna ukubadedela noma ukubadlulisa uma ngabe befika ezandleni zabo njengoshintshi njengoba inhloso yale mali kuwukuthi ithokozelwe iwo wonke umuntu. Le mali iqale ukuzungeza kuleli kusukela ngomhlaka-1 ku-October.

FUNDA NALOLU DABA: Umnyango uphika imibiko ethi ufuna ukusebenzisa u-R100b we-PIC

O-R5 abathengiswayo bona baqala ukutholaka kusukela ngomhlaka-27 October 2017 nokuwusuku lo mholi owabe enguMengameli we-ANC ebezobe ehlanganisa khona iminyaka engu-100 ubudala ukuba ubesaphila. Abantu bazokwazi ukubathenga ngamunye noma beyisethi.

Lezi zinhlobo ezine zo-R5 zibandakanya oyigolide nobiza u-R500, oyisiliva obiza u-R50, oyi-base-metal nawo obiza u-R50 bese kuba yilowo inani lawo elingu-R5 nozolokhu uzungeza kubantu.

Abafuna ukubathenga bangathenga ngqo eSouth African Mint noma kubathengisi abagunyaziwe. I-SA Mint iyingxenye yeReserve Bank.

Umhulumeni waseNingizimu Afrika wamemezela unyaka ka-2017 njengonyaka ka-OR Tambo.

Image: Wikimedia Commons

 

Related Posts