Sekuhlaselwe omunye umndeni eKZN kwashona abahlanu

Sekuphinde kwaba nesinye isigameko sokuhlaselwa ngenganono komunye futhi umndeni esifundazweni iKwaZulu-Natal.

Kubikwa ukuthi isigameko sakamuva senzeke ngoLwesine, ngezikhathi zabo-23:00 kusihlwa endaweni yaseNteke, eMariannhill.

“Umndeni uhlaselwe oshayasibhamu abangaziwa abadubule amahlandla amaningi amalungu omndeni amahlanu aneminyaka ephakathi kwengu-19 kanye nengu-34 endaweni yaseNteke, eMariannhill.

FUNDA NALOLU DABA: UMengameli Zuma ugxeke ukubulawa kwamantombazane angu-6 nabesifazane ababili eKZN

“Abahlanu kumalungu omndeni bashonele endaweni yesigameko kanti esinye isisulu sishonele esibhedlela sifika,” kusho amaphoyisa aKwaZulu-Natal engeza nangokuthi sekuvulwe amacala amahlanu okubulala.

Lesi sigameko senzeka nje akukapheli nesonto kuhlaselwe umndeni wakwaSibiya eMbangweni, eMatimatolo, khona KwaZulu-Natal.

Kulesi sigameko kushone amantombazane angu-6 kanye nabesifazane ababili ngemuva kokuqhululwa ngenhlamvu kanye nokushiswa nezindlu. Kulesi sigameko kuhlaselwe imindeni emibili yakwaSibiya neqhelelene ngebanga elingamamitha angu-100.

Image: Pixabay

Related Posts