Isikhondlakhondla senkampani ephehla amandla kagesi kuleli u-Eskom usuqoke u-Sean Maritz njenge-Group Chief Executive yesikhashana.
U-Eskom wenze lesi simemezelo esitatimendeni ngoLwesihlanu.
“Ibhodi lakwa-Eskom lingathanda ukumemezela ukuthi uMnumzane Sean Maritz, oyi-chief information officer (CIO) kanye ne-Group Executive for Information Technology useqokwe njenge-Group Chief Executive, kusukela manje.”
FUNDA NALOLU DABA: Kufufusa isiteleka samaholo kwa-SAA
Kuzokhumbuleka ukuthi ngoJuni le nkampani ephehla amandla kagesi yaqoka uJohnny Dladla esikhundleni sokuba yi-Group Chief Executive okwesikhashana. Kodwa-ke ngoLwesihlanu u-Eskom umemezele ukuthi uDladla uzoqhubeka nomsebenzi wakhe njenge-Chief Executive Officer ye-Eskom Rotek Industries (ERI).
U-Eskom ubonge uDladla ngomsebenzi wakhe wabe usufisela uMaritz konke okuhle emsebenzini wakhe omusha.
Le nkampani ithi uhlelo lukuqoka i-chief executive ezosebenza ngokugcwele luyaqhubeka.