UMengameli Zuma ugxeke ukubulawa kwamantombazane angu-6 nabesifazane ababili eKZN

UMengameli Jacob Zuma usegxeke kakhulu isigameko sokubulawa kwamantombazane ayisithupha kanye nabasifazane ababili endaweni yaseMbangweni, ngaseGreytown, KwaZulu-Natal.

“Izenzo ezishaqisa kangaka futhi eziwubulwane ezibhekiswe kwabesifazane abangakwazi ukuzivikela ziwukunyathelwa okukhulu kwelungelo lomuntu lokuphila, njengoba kubekiwe kuMthethosisekelo,” uMengameli Jacob Zuma usho kanjalo ngoLwesine.

FUNDA NALOLU DABA: Kugxekwe ukushishwa nokudutshulwa kwemindeni yakwaSibiya eMatimatolo

Kulesi sigameko kubulawe ngesihluku amalungu omndeni wakwaSibiya angu-8 ahlala emizini ehlukene neqhelelene ngebanga elingu-100m.

Amaphoyisa KwaZulu-Natali athi imbangela yesigakeo ayikakaziwa kanti sekuvulwe amacala angu-8 okubulala kanye nawokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa eMatimatolo.

UMengameli udlulise amazwi enduduzo emndenini kanye nezihlobo zezisulu wabe esefisela nabalimele ukululama okusheshayo.

Image: Pixabay

Related Posts