Abasolwa abathathu badutshulwe bashona, kwalimala nephoyisa

Abasolwa abathathu basale enkundleni kulandela ukutholana phezulu ngezulu lezandla namaphoyisa ophiko lwe-National Intervention Unit kanye ne-Tactical Response Team ngoMgqibelo ebusuku.

Ngokusho kwamaphoyisa KwaZulu-Natal, lolu phiko belulandela umkhondo oluholele endlini esendaweni yaseNgonyameni.

“Ngesikhathi engena endlini, amaphoyisa ahlaselwe yiqeqebana labasolwa abahlomile nabavulele ngenhlamvu kuwona.

FUNDA NALOLU DABA: Sekuhlaselwe omunye umndeni eKZN kwashona abahlanu

“Amaphoyisa aphendulile kanti abasolwa abathathu balimale bashona ngesikhathi kudutshulwana kwathi abanye abathathu baboshelwe endaweni yesigameko. Iphoyisa nalo lidutshulwe emilenzeni yomibili ngabasolwa abebehlomile kanti liyiswe esibhedlela,” kusho amaphoyisa.

Omunye wabasolwa odutshulwe washona, amaphoyisa athi ubefunelwa icala lokuzama ukubulala elimayelana nesigameko esenzeka eLoskop kule nyanga.

Kulesi sigameko amaphoyisa athi athole izibhamu ezine ezingekho emthethweni, izinhlamvu kanye nama-bullet proof vests kubasolwa.

Abasolwa ababoshiwe kulindeleke ukuba bavele e-Estcourt Magistrates Court maduzane.

Image: Pixabay

Related Posts