IHhovisi likaMengameli Zuma liphika izinsolo ezithi ‘ufuna ukulawula i-SABC’

IHhovisi likaMengameli wezwe selizwakalise ukukhathazeka ngemibiko yabezindaba eveza izinsolo zokuthi uMengameli Jacob Zuma ulokhu ebambezela ukuqokwa kwebhodi le-SABC ngoba efuna ukufaka abantu bakhe azokwazi ukubalawula.

Ngokombiko wephephandaba langeSonto iCity Press kusolwa uZuma kanye noNgqongqoshe wezokuXhumana u-Ayanda Dlodlo ngokubambezela ngamabomu ukuqokwa kwebhodi le-SABC ngoba befuna ukuthi kuqokwe abantu abathandwa yibona ezikhundleni ezimqoka okubalwa kuzo izikhundla ze-chief operating officer (COO), ese-chief executive officer (CEO) kanye nese-chief financial officer (CFO).

Nokho iHhovisi likaMengameli liwuchithile lo mbiko njengohlose ukudala umonakalo ngamabomu futhi ongenasisekelo.

FUNDA NALOLU DABA: IHhovisi likaMengameli Zuma lichitha umbiko othi wazama ukuphisana ngendlu yesakhamuzi

“UMengameli uyaluhlonipha uhlelo lwasePhalamende olwaqalwa futhi akanakho akuncamelayo ngokwakhe,” iHhovisi likaMengameli lisho kanjalo ngeSonto.

IPhalamende likazwelonke lincome ukuba kuqokwe uKhanyisile Kweyama, uMathatha Tsedu, uMichael Markovitz, uNomvuyiso Batyi, uRachel Kalidass, uVictor Rambau, uJohn Matisonn, uJack Phalane, uDinkwanyane Mohuba, uBongumusa Makhathini, uKrish Naidoo kanye noFebe Potgieter-Gqubule ukuba babe sebhodini le-SABC.

NgeSonto eledlule iHhovisi likaMengameli lithe uMengameli Zuma usazicubungulisisa kahle lezi zincomo ezenziwe yiPhalamende ngamagama abazoqokwa.

Leli hhovisi lathi phakathi kwezinye zezinto elifuna ukuziqinisekisa ukuthi labo abaqokwayo banazo iziqu abathe banazo kuma-CV abo.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts