Sekuboshwe abasolwa abane ngokubulawa kwamalunga omndeni amahlanu

Amaphoyisa KwaZulu-Natali asebophe abasolwa abahlanu mayelana nesigameko sokubulawa kwamalunga omndeni amahlanu endaweni yaseNteke, eMariannhill, ngesonto eledlule.

NgeSonto, amaphoyisa abephume umkhankaso kule ndawo nalapho efike abopha khona abasolwa abathathu ngamacala okubulala ngezikhathi zasekuseni.

FUNDA NALOLU DABA: Sekuhlaselwe omunye umndeni eKZN kwashona abahlanu

Kuthe ngezikhathi zantambama kwaphinde kwaboshwa umsolwa wesine KwaNdengezi. Amaphoyisa athi lo msolwa utholakale nesibhamu esingekho emthethweni kanye nezinhlamvu ezingu-11.

Abasolwa ababoshiwe baneminyaka ephakathi kwengu-21 kuya kwengu-30 ubudala.

Image: Public Domain Pictures

Related Posts