BUKA: Igoli likanozinti we-PSL selifakwe kwamathathu okuzokhethwa kuwo

Selifakwe ohlwini lokugcina lwamagoli amathathu okuzokhethwa kulo eliwinile igoli likanozinti weqembu laseNingizimu Afrika eligijima esigabeni se-PSL iBaroka FC okungu-Oscarine Masuluke.

Manje uMasuluke usezoqhudelana noDeyna Castellanos kanye no-Olivier Giroud kule ndondo ebhekwe ngabomvu ye-Puskas Award.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Izitayela ezitholise oweCeltic ikhadi ejika oweChiefs

Inhlangano yebhola emhlabeni jikele iFIFA imemezele lolu hlu oselufinyeziwe ngoMsombuluko.

UMasuluke uvotelwe ngegoli lakhe elaba ngundabamlonyeni kuleli alishaya eqethuka ngomzuzu wokugcina ngesikhathi ezakhe zibhekene ne-Orlando Pirates ngesizini edlule.

Zibonele leli goli likaMasuluke ngezansi kanjalo namanye amagoli abadlali ababili aseqhathwe nabo ngezansi:



Image: Pixabay

Related Posts