BUKA: Izitayela ezitholise oweCeltic ikhadi ejika oweChiefs

Uchaze abaningi umdlali weBloemfontein Celtic F.C uKhethokwakhe Masuku ngesikhathi eshaya izitaylela enkundleni iqembu lakhe libhekene neKaizer Chiefs kumqhudelwano weMacufe Cup ngeSonto ntambama eFree State Stadium.

Kulo mdlalo iChiefs ibhaxabule iCeltic ngo-4-2. Kuyiwe ekhefini Amakhosi esevele ehamba phambili ngo-3-2 nalapho ethe uma ebuya ngesithombe sesibili ashayela isipikili sokugcina.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Abalandeli beChiefs bezikhalela kuDoctor Khumalo bethi akabuye

UMasuku uvele wangabagqiza qakala abadlali beChiefs njengoba evele washaya izitayela phambi kwabo, ehlikihla ibhohla, maqede wama phezu kwalo ngaphambi kokuba abeke idolo kulona. Kuthe lapho sekulindeleke ukuba aliphase waqala phansi waliphakamisa ngesinye isitayela.

Nokho lokhu kumdonsele amanzi ngomsele lo mdlali ogijima esiswini njengoba kuphethe ngokuthi unompempe amjezise ngekhadi eliphuzi, nokuyinto obekubonakala ukuthi uMasuku akaneme ngayo. Ngemuva kokunikwa leli khadi, lo mdlali ubonakale enikina ikhanda, echitha nezandla ezwakalisa ukungenami kwakhe.

Lo mdlali ubengaqali ukushaya izitayela enkundleni njengoba nangaphambilini ake wakwanza esadlalela i-Orlando Pirates ngesikhathi ibhekene neBlack Leopards.

Zibonele lo mdlali eshaya lezi zitayela ngezansi:

Image: Pixabay

Related Posts