Kumisiwe ukusebenza kwezitimela zakwa-Metrorail eKZN

Kumisiwe ukusebenza kwezitimela zakwa-Metrorail KwaZulu-Natal ngenxa yesimo sezulu ebesingesihle ngoLwesibili, kusho i-Passenger Rail Agency of South Africa (PRASA).

“Ukumiswa kwezitimela kuza ngenxa yomphumela wokukhathazeka kwezokuphepha okuyamaniswa nokuqina kwamathuba ezikhukhula kojantshi besitimela,” u-PRASA usho kanjalo esitatimendeni.

FUNDA NALOLU DABA: IZITHOMBE: Zidale umonakalo omkhulu izimvula ezinamandla eGauteng

Abakwa-PRASA baye banxusa abagibeli ukuba benze imizamo yokuthola ezinye izithuthi kuze kuba kudlula izikhukhula futhi nabakwa-Metrorail sebesihlolile isimo sojantshi ngemuva kwezimvula ezinamandla.

NgoLwesibili ntambama kubonakale kukhala ibhungane kwezinye zeziteshi zezitimela zakwa-Metrorail njengoba abagibeli bezitimela beye baphoqeleka ukuba bayogibela ezinye izithuthi.

Image: Wikimedia Commons

 

Related Posts