Amaphoyisa KwaZulu-Natal athi abelokhu ematasatasa kusukela ngoLwesibili ekuseni kwaze kwaba nguLwesithathu njengoba ethungatha abantu abanyamalale kulandela izikhukhula ezishiye kukhalwa ezingxenyeni eziningi zalesi sifundazwe.
NgoLwesithathu emini okungenani bangu-11 abantu obesekuqinisekiswe ukuthi bashonile ngenxa yalezi zimvula ebezinamandla. Lezi zigameko zokushona kwabantu zibikwe ezindaweni okubalwa kuzo Umlazi, Isipingo, iDurban Central kanye naKwaMakhutha.
Amaphoyisa KwaZulu-Natal athi bahlanu abantu abasathungathwa selokhu kubikwe ukuthi badukile kusukela ngoLwesibili. Athi asethole izingcingo ezingu-150 ezimayelana nalesi simo sezulu.
FUNDA NALOLU DABA: IZITHOMBE: Umonakalo odalwe yizimvula ezinamandla eKZN
Abantu abashonile kubikwa ukuthi bashone ngemuva kokugwiliza, abanye bagqenywa yizinto eziwele kubona kanti abanye bavaleleke ezimotweni.
Image: ER24