Kulindeleke zibuye izimvula ezinamandla ngempelasonto

Umnyango wakwa-Cooperative Governance and Traditional Affairs (Cogta) uthi ithimba lezimo zenhlekelele lizolokhu liqaphile kuzo zonke izifundazwe njengoba kulindeleke ukuba kubuye ukuduma kwezulu kwezinye izingxenye zezwe ngempelasonto.

Isichotho kanye nezimvula ezinamandla zidale umonakalo omkhulu ikakhulukazi KwaZulu-Natal kanye naseGauteng ngoMsombuluko nangoLwesibili. Lezi zimvula ziholele ekushoneni kwabantu, abanye balimala kanti eminye imindeni isale ingenamakhaya. Izingxenye ezithile zeMpumalanga kanye ne-Eastern Cape nazo zikhahlamezekile.

FUNDA NALOLU DABA: Amaphoyisa asathungatha abantu abaduke kunezikhukhula eKZN

Izangoma zezulu zakwa-South African Weather Service (SAWS zithi kulindeleke ezinye izimvula kwezinye izingxenye zezwe ngoMgqibelo.

Umphakathi unxuswa ukuba uhlale njalo ulandela isimo sezulu.

Image: Pixabay

Related Posts