Kuyaphela ngendawo kaDumi Masilela kwi-Rhythm City namhlanje

Namuhla (ngoLwesithathu) usuku lokugcina kudlalwa indawo kaSifiso Ngema emdlaweni kamabonakude oluchungechunge, iRhythm City, nodlala ku-e.t.v maphakathi nesonto.

UDumi Masilela, okuyigama langempela likaSifiso, washonela esibhedlela ngasekuqaleni kuka-August kulo nyaka kulandela ukudutshulwa esigamekweni sokuzama ukuduna.

Izindaba zokushona kwakhe zaholela ekushoneni kuka-anti wakhe nowashona ngemuva nje kokuzwa izindaba zokuthi uDumi ushonile.

Ngenyanga edlule abakwa-e.tv bamemezela ukuthi bazosebenzisa lesi sigameko sokushona ngesihluku kwalo mlingisi njengendlela azohamba ngayo kwi-Rhythm City. Lesi siteshi sathi lokhu kwenziwe ngemuva kokubonisana kabanzi nomndeni wakaMasilela.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Ushaya ibuya kwi-soapie yakuleli obesehambe iminyaka emibili

“USifiso uzobandakanyeka ekudunweni, okuholela ekushoneni kwakhe. Ababukeli angeke bakubone ukuduna, kodwa kuzobikwa nguShakes,” kusho u-e.tv esitatimendeni.

Ngaphezu kwalokho, ngoLwesithathu, mhlaka-18 October, kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo yalo mlingisi kulo mdlalo nezobe ihanjelwe ngumama wangempela kaDumi uSabatha Magdeline Masilela kanye nomfowabo uThabani Masilela.

Image: e.tv

Related Posts