BUKA: U-Andile Jali ehlonywa imibuzo ngesiNgisi eziphendulela ngolwebele eBelgium

Omunye wabasebenzisi benkundla yezokuxhumana iTwitter ozibiza ngo-The Instigator ufake i-video ekhombisa umdlali webhola waseNingizimu Afrika osedlala ezweni laseBelgium, u-Andile Jali, enza ingxoxo ngolwimi lwakhe lwesiXhosa yize noma lo obemubuza imibuzo ebeyibuza ngesiNgisi.

Ngokwemibuzo kanye nenkulumo kule ngxoxo, ikhombisa ukuthi yenzeka esontweni lokuqala nje uJali efike kwelaseBelgium ngemuva kokusayina neqembu lakhona i-KV Oostende FC esuka kwi-Orlando Pirates.

Kule ngxoxo ethatha isikhathi esingu-02:20 uJali uhlonywa imibuzo ngendlela aphatheke ngayo evikini lakhe lokuqala efike kwelaseBelgium, ulwazi abenalo ngeqembu alijoyinile kanye nokuthi washiya iPirates ngoba enganeme yini. Kodwa-ke kuyo yonke le mibuzo lo mdlali weBafana Bafana akazihluphanga nhlobo ngesingisi njengoba elokhu enamathele kolwebele.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Igoli likanozinti we-PSL selifakwe kwamathathu okuzokhethwa kuwo

Ngaphambi kokuba kuqale isizini bekusabalele amahlebezi okuthi lo mdlali wasesiswini angase abuyele eNingizimu Afrika ngenxa yokungenami ngokuba ukudla kwebhentshi kwi-Oostende .

UJali washayela i-Oostende igoli elaqinisekisa ukuthi izodlala emqhudelwaneni we-Uefa Europa League kule sizini.

Zibonele le ngxoxo kaJali ngezansi kanjalo negoli alishayela iqembu lakhe:

Image: Pixabay

 

 

Related Posts