ISEXWAYISO: Umoya onamandla nemvula kuzohlasela eThekwini

UMasipala weTheku usukhiphe isexwayiso esiphuthumayo somoya onamandla kanye nemvula ezohlasela eThekwini.

“UMasipala weTheku ungathanda ukuxwayisa izakhamuzi ngemisinga ebandayo ezokwenzeka manje eza eThekwini namhlanje, ngomhlaka-12 October 2017,” uMasipala uxwayise kanjalo esitatimendeni ngoLwesine ntambama.

Kuthiwa le misinga ebandayo izobe iqhamuka olwandle eningizimu nesifundazwe kanti izobe ihambisana nemimoya enamandla ezobe igijima ngesivinini esilinganiselwa ku-58 kilometres ngehora.

FUNDA NALOLU DABA: Kulindeleke zibuye izimvula ezinamandla ngempelasonto

“Imvula enamandla nayo ilindelekile kuleli ntambama.

“Izakhamuzi ziyacelwa ukuba zifonele kuphela inombolo ye-Emergency Management Call Centre mayelana nezimo eziphuthumayo ku-031 361 0000.”

Image: Pixabay

Related Posts