IZITHOMBE: Usephendulwe ihlaya uShaun Abrahams ‘ngokusaba’ ukushushisa uZuma

Lowo oyiNhloko ye-National Prosecuting Authority (NPA) u-Advocate Shaun Abrahams usephundulwe ihlaya ezinkundleni zokuxhumana njengoba amehlo amaningi esebheke yena ngokuthi uzomushushisa yini uMengameli Jacob Zuma ngoxhaxha lwamacala enkohlakalo kanye nokukhwabanisa.

I-Supreme Court of Appeal (SCA) ngoLwesihlanu ekuseni ikhiphe isinqumo esithathwa njengesicaba indlela yokuba kushushiswe uZuma ngamacala angu-783 enkohlakalo kanye nokukhwabanisa amayelana nesivumelwano sokuthengwa kwezikhali esaziwa nge-Arms Deal nesadla ama-billions amarandi.

Ngo-April 2016 iNkantolo eNkulu yasePitoli yanquma ukuthi sasingekho isizathu sokuthi kuhoxiswe amacala ayebhekene noZuma ngakho kumele sibuyiselwe eceleni futhi sibuyekezwe leso sinqumo.

Ngo-June 2016 i-North Gauteng High Court yachitha isicelo esasifakwe ngabameli baZuma kanye ne-NPA sokunikezwa igunya lokudlulisa isinqumo esathathwa yiyo le nkantolo ngenkathi inquma ukuthi kumele sibuyiselwe eceleni futhi sibuyekezwe isinqumo sokuhoxisa amacala enkohlakalo nokukhwabanisa ayebhekene noZuma.

UZuma kanye ne-NPA babe sebenikela eNkantolo yezokudluliswa kwamacala (SCA) nalapho bafaka khona isicelo sokudlulisa lesi sinqumo seNkantolo eNkulu.

FUNDA NALOLU DABA: UZuma akayogeza igama lakhe enkantolo uma emsulwa – Maimane

Kodwa-ke uJaji Justice Lorimer Eric uchithe lesi sicelo nezindleko ngoLwesihlanu ekuseni.

Lokhu kusho ukuthi sekusemahlombe e-NPA kanye neNhloko yayo u-Abrahams ukuthi inqume ukushushisa uZuma yize noma kukhona abakholwa ukuthi ‘uluthuntu’ kakhulu noma ‘uyasaba ukuthi angakwazi ukubeka uZuma amacala.

Umhloli we-Democratic Alliance uMmusi Maimane ngoLwesihlanu uthe uzobhalela u-Abrahams incwadi emnxusa ukuba akabhalele uZuma incwadi emazisa ukuba kumele avele enkantolo ngokushesha. Leli qembu lithi uZuma kumele ayogeza igama lakhe enkantolo njengoba ehlale esho ukuthi umsulwa.

Abantu ezinkundleni zokuxhumana sebezwakalise imibono eyehlukene ngokuba ‘luthuntu’ kuka-Abrahams njengoba bekholwa ukuthi into yokugcina angayenza ukuthi ashushise uZuma.

Image: GCIS

Related Posts