UZuma akayogeza igama lakhe enkantolo uma emsulwa – Maimane

I-Democratic Alliance (DA) isisamukele isinqumo esikhishwe yi-Supreme Court of Appeal (SCA) ngoLwesihlanu ekuseni nalapho ichithe khona isicelo sikaMengameli Jacob Zuma kanye ne-National Prosecuting Authority (NPA) sokudlulisa isinqumo seNkantolo eNkulu mayelanana noxhaxha lwamacala ayebhekene noMengameli Jacob Zuma.

UJaji Justice Lorimer Eric uchithe lesi sicelo nezindleko ngoLwesihlanu ekuseni.

UZuma kanye ne-NPA bafaka isicelo kule nkantolo sokudlulisa isinqumo se-North Gauteng High Court mayelana namacala enkohlakalo ayebhekene noMengameli Zuma.

Kuzokhumbuleka ukuthi ngo-June 2016 i-North Gauteng High Court yachitha isicelo esasifakwe ngabameli baZuma kanye ne-NPA sokunikezwa igunya lokudlulisa isinqumo esathathwa yiyo le nkantolo ngenkathi inquma ukuthi kumele sibuyiselwe eceleni futhi sibuyekezwe isinqumo sokuhoxisa amacala enkohlakalo nokukhwabanisa ayebhekene noZuma.

Ngo-April 2016 le Nkantolo eNkulu yasePitoli yanquma ukuthi sasingekho isizathu sokuthi kuhoxiswe amacala ayebhekene noZuma ngakho kumele sibuyiselwe eceleni futhi sibuyekezwe leso sinqumo.

FUNDA NALOLU DABA: I-ANC ithi isafunda isinqumo senkantolo ngokuchithwa kolwama-spy tapes

“Isinqumo sanamhlanje siwukunqoba kwezobulungiswa, ukusebenza komthetho kanye neNingizimu Afrika. UJacob Zuma angeke aphule ingalo yomthetho. Umthetho usebenza kuwo wonke umuntu, ngale kokuthi ubani,” kusho umholi we-DA, uMmusi Maimane.

Manje uMaimane uthi usezobhalela iNhloko ye-NPA, u-Adv Shaun Abrahams, emnxusa ukuba anikeze uZuma amaphepha amazisa ukuthi kumele avele enkantolo ngokushesha mayelana namacala angu-783 enkohlakalo kanye nokukhwabanisa ayebhekene noZuma ngaphambi kokuba abe nguMengameli.

“Uma ngabe uMengameli emsulwa, njengoba esho kanjalo, kumele avumele icala lasenkantolo linqume ngokuba msulwa kwakhe,” kusho uMaimane egcizelela ngokuthi uZuma kuyabonakala ukuthi uyazi ukuthi kuningi okumele akuphendule.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts