I-Saftu ithi ‘kuyinyanyisile’ ukuziphatha kukaMbalula, ‘akahambe’

Umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi i-South African Federation of Trade Unions izizwakalise “ukunyanya” ngokuziphatha kukaNgqonqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula esigamekweni sangoLwesihlanu mhlaka-6 October eKapa.

Kulesi sigameko, kubikwa ukuthi amaphoyisa ase-Western Cape abopha abasolwa abangu-8 – ngokuhamba kwesikhathi abuye abopha abanye ababili – ngaseHuguenot Tunnel. Amaphoyisa ayesola ukuthi laba bayathinteka esigamekweni sodutshulwa kubulawe abantu abangu-11 endaweni yaseMarikana, eKapa.

Abasolwa balaliswa phansi ngezisu beboshwe ngama-cable ties nalapho kunezinsolo zokuthi balaliswa phansi kanjalo kwaze kwaphela amahora amathathu ngoba amaphoyisa ayelinde ukuthi kuze kufike uNgqongqoshe wamaPhoyisa uFikile Mbalula. Baphinde bashuthwa nezithombe ezathunyelwa abezindaba kanti noNgqongqoshe uMbalula naye wafaka isithombe sabo belele phansi kuTwitter.

Kuthiwa laba basolwa bavalelwa esiteshini samaphoyisa eKapa kanti baze badedelwa ngeSonto ebusuku bengabekwanga macala ngoba bungekho ubufakazi obuqinile obubayamanisa nezinsolo ababesolwa ngazo.

Kodwa-ke ngokombiko we-The Times bonke abasolwa ababoshwa bangamalungu omndeni ayehambisa ibhokisi lomgcwabo elalinesidumbu sesihlobo nalapho umufi ayeyongcwatshwa e-Eastern Cape.

FUNDA NALOLU DABA: UMbalula ugxeke ukuhlaselwa nokulinyazwa kwamaphoyisa

Abanye babasolwa abakhulume ne-The Times bathi bazowabopha amaphoyisa ngokuboshwa bengenzanga lutho kanye nokwehliswa isithunzi. Ngaphezu kwalokhu kuthiwa umndeni walaba udinwe uyaveva ngokuthi kwavulwa isidumbu saseshwa.

Omunye wabasolwa kuthiwa ubesho ukuchiphiza izinyembezi echazela i-The Times ukuthi ukhunyulwe phambi kwabantu besifazane ngoba amaphoyisa efuna ukubona ukuthi akasiyena yini umsolwa oyiwele abemfuna. Kuthiwa leli wele elufunwayo alisokile.

Abasolwa kuthiwa baze baphuthwa umngcwabo.

I-Saftu ithi amaphoyisa aphule umthetho kodwa uMbalula wawabongela.

“Isikhathi sakhe esehhovisi sesibe yinhlekelele. Kumele asule ngokushesha futhi uma enqaba kumele axoshwe! Inhlekelele esibhekene nayo ukuthi lo muntu owamqasha yena kwayena akakulungele ukuba sehhovisi,” kusho iSaftu.

Image: GCIS/Flickr

Related Posts