UTinkler uphuce uBenni iqatha emlonyeni eMabhida

ISuperSport United ishabalalise amathemba omqeqeshi weCape Town City uBenni McCarthy okuthatha isicoco sakhe sokuqala ngesizini yakhe yokuqala njengomqeqeshi kumqhudelwano we-MTN 8 eMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo kusihlwa.

Kulo mdlalo iCape Town City iyona evalele phakathi igoli lokuqala ngomzuzu ka-23 nelishaywe nguSibusiso Masina.

Ngomzuzu ka-60 uLehlohonolo Majoro uyeke ithuba lokushayela isipikili sokugcina ngesikhathi egeja  uqekelele esebhekene nepali.

Ngomzuzu ka-80 uThabo Mnyamane ubuyise amathemba aMatsatsantsa ewashayela igoli lokulinganisa.

Kuphele isithombe sokuqala zibambene ngo-1-1 kanti ngesiwombe sesibili womabili amaqembu ahluleke ancama ukubhakuzisa inethi nokuholele ekutheni kuyiwe kwi-Extra Time. Nakhona alibanga khona iqembu elishaye igoli nokwenze umdlalo waya kumaphenathi.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Igoli likanozinti we-PSL selifakwe kwamathathu okuzokhethwa kuwo

I-Cape Town City igeje amaphenathi amabili agejwe uLyle Lakay kanye noJudas Moseamedi kwathi iSuperSport yona yavalela amane, nokuqinisekise ukuthi iba ngompetha abasha be-MTN8. I-United igcine iwine ngo-4-2 kumaphenathi kanti uDove Wome uyena oshaye iphenathi yokunqoba.

Umdlali weCity u-Ebrahim Seedat ubecishe asho ukuciphiza izinyembezi ngesikhathi amukela umkomelo wokuba ngumdlali ovelele ngenxa yokuphathwa kabi ukuhlulwa kwezakhe kulo mdlalo wamanqamu.

UBenni, naye obebonakala nasebusweni ukuthi ujabhile, uthe ezakhe zidlale kahle futhi zawathola namathuba. Lo mqeqeshi owayengalibheki ipali esadlalela iqembu lesizwe iBafana Bafana uncome iSuperSport ngesipiliyoni enaso.

Ngakolunye uhlangothi u-Eric Tinkler useziqophele omunye umlando ngokuthatha inkomishi yakhe yokuqala engumqeqeshi weSuperSport njengoba ngesizini edlule ebungumqeqeshi we-Cape Town City.

 

Related Posts