BUKA: Ububhanyabhanya abantu beshutha uZodwa Wabantu edansa ‘engagqokile’

Bekuwubuqhafaqhafa kanye nobubhanyabhanya abantu beshutha intokazi yodumo lokudansa ingaligqokile iphenti uZodwa Wabantu kweminye yemicimbi obekunandisa kuyo abaculi ngempelasonto eyedlule.

Le ntokazi edume ‘ngamavosho’ endaweni yobumnandi Eyadini, eMlazi, ibiyingxenye yosaziwayo abazinze eThekwini abebeyonandisa emcimbini weMacufe eBloemfontein esifundazweni iFree State ngoLwesihlanu lwangomhlaka-6 ku-October 2017.

Phakathi kwabanye bosaziwayo okwakulindeleke ukuba nabo bazonandisa kulo mcimbi kubalwa u-Dj Tira (Malum’Bearings), uSphectacula & Dj Naves (KOTW), uTipcee (Iscathulo), uPrince KayBee (CharLotte), uProfessor (Nobenga), uBenny Maverick (Memeza), uDj Bongz (Ngikhulile), uDj Finzo kanye no-Shaxe.

FUNDA NALOLU DABA: LALELA: Ingoma ephelele eshaywe uDumi Masilela ‘evalelisa’ kwi-Rhythm City

Isiqeshana se-video esikhombisa ngesikhathi okwakunandisa ngaso uZodwa Wabantu sikhombisa iningi labantu ababebukela libonakala lizidelisa ngokushutha noma ukuqopha le ntokazi egqoke okwangaphansi okumnyama kanye nokusasigqebhe okuyinethi nokuveza obala umzimba.

Naye uZodwa ubengazibekile neze phansi njengoba ebedansa aze adlale ngesinqe efulathele ngakubona abalandeli abebeshutha ngaphambi kokuba enze adume ngazo, ukushaya ivosho.

Zibonele lo mdanso kaZodwa Wabantu okhalisa izihlwele ngezansi:

Image: Zodwa Wabantu Twitter Account

Related Posts