I-DA isiqalise izinhlelo zokuphatha izwe ngo-2019, ithi izoqunjwa phansi i-ANC

Iqembu elikhulu kwaphikisayo kuleli iDemocratic Alliance (DA) ithi isiqalise izinhlelo zokuphatha izwe okhethweni lukazwelonke lwangonyaka ka-2019 njengoba ikholwa ukuthi iqembu elibusayo i-African National Congress (ANC) kunamathuba okuthi iqunjwe phansi kulolu khetho.

Lokhu kuza njengoba isigungu esiphezulu saleli qembu besibambe umhlangano waso wokugcina onyakeni ka-2017.

“Ngokocwaningo lwethu, i-ANC isalokhu ilinganiselwa ku-50% kuzwelonke futhi ibhekene nokuthi kungenzeka ihlulwe okhethweni lwango-2019 lukazwelonke. Abantu baseNgingizimu Afrika sebekhombisile ukuthi sebeqedile nge-ANC, futhi sebesilungele isiqalo esisha ngaphansi kukahulumeni wokubambisana oholwa yi-DA,” umholi we-DA uMmusi Maimane usho kanjalo ngeSonto.

FUNDA NALOLU DABA: UZuma akayogeza igama lakhe enkantolo uma emsulwa – Maimane

Leli qembu lithi seliqalile ukudidiyela imigomo emisha ezokwakha amathuba emisebenzi futhi iqede nenkohlakalo elithi idla lubi ngaphansi kukahulumeni we-ANC ukuze abantu bakuleli bezobuyelwa ithemba.

I-DA ithi i-ANC isibadayisile abantu bakuleli futhi nezwe isilidayisele abanemali enkulu.

Image: DA Facebook Page

Related Posts