IZITHOMBE: Isichuse nomgwaqo oqanjwe ngoZuma eNigeria

UMengameli waseNingizimu Afrika uJacob Zuma ngempelasonto uhambele umcimbi wokwembulwa kwesichuse esingumfanekiso wakhe kanye nokuvulwa komgwaqo oqanjwe ngaye eNigeria.

UZuma uphinde wahlonishwa yiGovernor yase-Imo State u-Owelle Okorocha ngendondo ye-Imo Merit Award nokuyindondo ethathwa njengenkulu kakhulu khona okuhlonishwa ngayo “abantu abakhethekile asebenze umehluko emiphakathini yabo”, ngokusho kweHhovisi likaMengameli.

FUNDA NALOLU DABA: IZITHOMBE: Usephendulwe ihlaya uShaun Abrahams ‘ngokusaba’ ukushushisa uZuma

Ngempelasonto iHhovosi likaMengameli lithe ubehambele eNigeria ukuzoqinisa ubudlelwano kwezomnotho futhi aphinde aqinise nobudlelwano obukhona kwezemfundo.

NgeSonto (izolo) uMengameli Zuma, ngokwesikhundla sakhe njengoSihlalo we-Southern African Development Community (SADC), ube esedlulela eKinshasa eDemocratic Republic of Congo (DRC) nalapho efike wabamba khona izingxoxo noMengameli Joseph Kabila Kabange mayelana nezokuphepha kanye nokuthula kwisifunda iGreat Lakes.

Image: The Presidency Twitter Account

Related Posts