UPitso uthi kuzoba nzima ukudlala neChiefs esazikhotha amanxeba

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uPitso Mosimane usezwakalise ukuxwaya ngaphambi komdlalo wezakhe weligi neKaizer Chiefs njengoba lezi zinkunzi zaseSoweto zisazikhotha amanxeba ngemuva kokubhaxabulwa yiBaroka FC ngo-2-1 eMosese Mabhida Stadium.

Umqeqeshi weChiefs uSteve Komphela uzodlala lo mdlalo ngaphansi kwenkulu ingcindezi njengoba ezakhe zisawine imidlalo emibili nje kuphela kweyisikhombisa kanti kuyimanje zihleli endaweni yesithupha kwi-log ye-Absa Premiership ngamaphuzu angu-9. IBaroka FC iyona eqhwakele esicongweni ngamaphuzu angu-15 kanti ayikakahlulwa nomdlalo owodwa.

UMosimane uthi umdlalo weSundowns neChiefs kuhlale njalo kuwumdlalo omkhulu.

“Kuhlale njalo kuzoba umdlalo omkhulu. Kuzothanda ukuba nzima kuthina ngoba sizodlala nabo ngemuva nje kokuhlulwa yi-Baroka FC. Kuningi osekubhalwe ngabo abadinga ukukuguqula, ukuthi lokhu isikhathi sokwenza lokho futhi badinga ukuyeka ukungenelwa amagoli ekugcineni kanye nazo zonke lezo zinto. Siyazi ukuthi kuzoba nzima. Kodwa noma kunjalo, kuzoba umdlalo ophambili. Siyabahlonipha,” uPitso ucashunwe esho kanjalo kwi-website yeSundowns.

FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Abalandeli beChiefs bezikhalela kuDoctor Khumalo bethi akabuye

UPitso uphinde waxwayisa nangokuthi njalo uma iSundowns ike yahluleka ukuthatha iligi, ngesizini elandelayo nakanjani iyayinqoba (ngaphansi kobuholi bakhe). Uthi nalo iqembu lakhe liza kulo mdlalo liyingozi njengoba lisazikhotha amanxeba kulandela ukukhishwa kumqhudelwano we-CAF Champions League yi-Wydad Casablanca yaseMorocco.

“Kwaba buhlungu, kwaba buhlungu kakhulu ukhishwa kwi-Champions League. Asizange sizibone ngaphandle komqhudelwano. Sisazikhotha amanxeba ngoba siyazi ngaphakathi ekujuleni ukuthi kwakufanele senze kangcono sibhekene ne-Wydad, ikakhulukazi lapha ekhaya.”

Image: Sundowns FC website

Related Posts