I-EFF igxeka ukushintshwa kweKhabhinethi ngoba uZuma akazixoshanga, ithi akaboshwe

I-EFF isizwakalise ukusichitha isenzo sikaMengameli Jacob Zuma sokuhlela kabusha iKhabhinethi lakhe ngoLwesibili, yathi uZuma bekufanele naye angazishiyi ngaphandle ngesikhathi ememezela ukuhlela kabusha iKhabhinethi.

UZuma uthuse abaningi ngoLwesibili ekuseni ngesikhathi ememezela lokhu kuhlelwa kabusha kweKhabhinethi kwakamuva nalapho exoshe khona obenguNgqongqoshe wezeMfundo uBlade Nzimande nophinde abe nguNobhala Jikelele we-SACP.

“Siyakuchitha ukuhlelwa kabusha kweKhabhinethi kazwelonke ngoba akumubandakanyi osolwa ngobugebengu, uJacob Zuma. “Siphinda siyakwamukela ukugudluzwa kukaBlade Nzimande njengoNgqongqoshe weMfundo ePhakeme. Manje usezoba naso sonke isikhathi esidingekayo ukuya aphansi bese ekhankasela ukugudluzwa komndeni wakwaZuma kwi-ANC engqungqutheleni yango-December,” i-EFF isho kanjalo ngoLwesibili.

FUNDA NALOLU DABA: I-SACP ithi inhloso yokushintshwa kweKhabhinethi bekuwukuxosha uBlade Nzimande

I-EFF ithi kukhulu okwakubhekwe kuNzimande ngesikhathi eqokelwa kulesi sikhundla seKhabhinethi njengekhomanisi, yathi kodwa njegawo wonke amakhomanisi, umhlule wancama umsebenzi.

Le nhlangano iphinde yanxusa ukuba uMengameli Zuma asule ngokushesha esikhundleni kulandela isinqumo se-Supreme Court of Appeal nechithe uZuma kanye neNational Prosecuting Authority (NPA) emizamweni yabo yokuba kuguqulwe isinqumo seNkantolo eNkulu sokubuyisela eceleni isinqumo sokuhoxisa amacala angu-783 enkohlakalo kanye nokukhwabanisa ayebhekene noZuma.

“Into eshiwo yisinqumo ukuthi uZuma ngumsolwa wobugebengu kanye nokuthi i-NPA kumele imubeke amacala ngokushesha ukuze ezobhekana nawo wonke amacala. Njengomsolwa wobugebengu, uZuma kumele asule ehhovisi.”

Image credit: Ashraf Hendricks, GroundUp CC BY-ND 4.0

Related Posts