Nalu uhlu loNgqongqoshe abaqokelwe ezikhundleni ezintsha

UMengameli Jacob Zuma uthuse abaningi ngoLwesibili ekuseni ememezela ezinye futhi izinguquko kwiKhabhinethi yakhe.

Esitatimendeni ngoLwesibili iHhovisi likaMengameli limemezele ukuthi:

·         UHlengiwe Mkhize useqokwe njengoNgqongqoshe wakwa-Higher Education and Training

·         U-Ayanda Dlodlo usenguNgqongqose wakwa-Home Affairs

·         UMmamaloko Kubayi usenguNgqongqoshe wakwa-Communications

·         UDavid Mahlobo usenguNgqongqoshe wezaMandla

·         UBongani Thomas Bongo usenguNgqongqoshe we-State Security

·         UButi Manamela usunguSekela Ngqongqoshe wakwa-Higher Education and Training.

FUNDA NALOLU DABA: IZITHOMBE: Isichuse nomgwaqo oqanjwe ngoZuma eNigeria

UMengameli uthe wenze lezi zinguquko ngemuva kokucubungulisisa kabanzi.

Ube esebonga oNgqongqoshe abadliwe yizembe ngeqhaza labo waphinde wafisela oNgqongqoshe abasha inhlanhla emisebenzini yabo emisha.

Image: Wikimedia Commons

Related Posts