Umama wangempela kaDumi Masilela uzobonakala kwi-Rhythm City namhlanje

Umama wangampela walowo owayengumlingisi weRhythm City ongasekho emhlabeni uDumi Masilela uzobonakala kulo mdlalo kamabonakude oluchungechunge odlala ku-e.tv esiqeshini sanamuhla (ngoLwesithathu) kusihlwa.

UDumi, nodlala indawo kaSifiso Ngema kwi-Rhythm City, washonela esibhedlela ngasekuqaleni kuka-August kulo nyaka kulandela ukudutshulwa esigamekweni sokuzama ukuduna.

Izindaba zokushona kwakhe zaholela ekushoneni kuka-anti wakhe nowashona ngemuva nje kokuzwa ukuthi uDumi ushonile.

FUNDA NALOLU DABA: LALELA: Ingoma ephelele eshaywe uDumi Masilela ‘evalelisa’ kwi-Rhythm City

Ngenyanga edlule abakwa-e.tv bamemezela ukuthi bazosebenzisa lesi sigameko sokushona ngesihluku kwalo mlingisi njengendlela azohamba ngayo kwi-Rhythm City. Lesi siteshi sathi lokhu kwenziwe ngemuva kokubonisana kabanzi nomndeni wakaMasilela.

“USifiso uzobandakanyeka ekudunweni, okuholela ekushoneni kwakhe. Ababukeli angeke bakubone ukuduna, kodwa kuzobikwa nguShakes,” kusho u-e.tv esitatimendeni.

Isiqeshini seRhythim City sanamhlanje (ngoLwesithathu, mhlaka-18 October) kuzoba nenkonzo yesikhumbuzo yalo mlingisi nezobe ihanjelwe ngumama wangempela wakhe u  uSabatha Magdeline Masilela kanye nomfowabo uThabani Masilela.

Image: Rhythm City Twitter Account

 

Related Posts