Nalu uhlu lwebhodi elisha lakwa-SAA, iqinisekisiwe eyokushiya kukaDudu Myeni

UNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba ugcine elimemezelile ibhodi elisha lenkampani yezindiza yakuleli iSouth African Airways (SAA).

UChairperson omusha waleli bhodi nguJohannes Bhekumuzi Magwaza nosengene esikhundleni ebesilokhu siphethwe nguDudu Myeni

NgoLwesithathu kusihlwa abesevele esesabalele amahlebezi okuthi uMyeni akaseyena uSihlalo webhodi kwa-SAA yize noma lokhu bekungakamenyezelwa ngokusemthethweni.

FUNDA NALOLU DABA: U-Eskom uchitha imibiko yokuthi ufuna ukuchitha u-R100 million uthenga izihlalo

Amanye amalungu ebhodi amahlanu ami kanje: uDeputy Chairperson kanye ne-non-executive director uNolitha Fakude; uGeoff Rothschild, u-Ahmed Bassa, uTinyiko Mhlari, kanye noMartin Kingston. Laba bazobamba njengama-non-executive directors.

Ama-non-executive directors azoqhubeka nokuhlala kuleli bhodi avele akulona njengamanje nguBajabulile Swazi Tshabalala, uPeter Tshisevhe, uThandeka Nozipho Mogoduso, uPeter Holmes Maluleka, kanye no-Akhter Hoosen Moosa.

Lezi zinququko ezintsha ebhodini lakwa-SAA kulindeleke ukuba ziqale ukusebenza ngomhlaka-3 November uma ngabe uGigaba esebamba umhlangano okhethekile nalo.

Image: GCIS

Related Posts