Kuthiwa ushiye ingane wadla phansi owesifazane ofunelwa elokuthumba

Kuthiwa ushiye ingane esihlotsheni maqede wadla phansi owesifazane ofunwa uthuli amaphoyisa mayelena nokunyamalala kwengane  enezinyanga eziyisishiyagalolunye (9) ubudala uChristopher Khutyiswayo.

Ngasekuqaleni kuka-October amaphoyisa ophiko lwe-Port Shepstone Family Violence, Child Protection and Sexual Offences Unit (FCS) anxusa umphakathi ukuba usize ngolwazi olungalekelela ekutholeni umkhondo wowesifazane owaziwa ngoNqobile Nkonyeni/Ndovela (19) waseGamalakhe.

“Kusolwa ukuthi ngomhlaka-23 September 2017 abazali bengane uChristopher bamushiya egadwe u-anti uNqobile Nkonyeni/Ndovela. Wabe eseyithatha ingane endaweni yaseMbayimbi, eMurchison, ePort Shepstone, yonke imizamo yokumthinta ayiphumeleli,” amaphoyisa KwaZulu Natal asho kanjalo ngaphambilini.

FUNDA NALOLU DABA: IZITHOMBE: Amaphoyisa afuna lo wesifazane ngokunyamalala kwengane enezinyanga

Kwezakamuva, amaphoysia athi ngoLwesihlanu ntambama umsolwa kusolakala ukuthi ushiye ingane endlini yesihlobo. Kuthiwa ube esetshela isihlobo ukuthi useqashe i-metered taxi.

“Ubalekile, eshiya ingane. Amaphoyisa azisiwe futhi ingane iyiswe esibhedlela ukuze ihlolwe ngokwezempilo. Ube esehlanganiswa nomndeni wakhe kanti amaphoyisa asabheka umsolwa,” kusho amaphoyisa esitatimendeni.

Related Posts