Abasolwa abathathu bashone kwesokudubulana namaphoyisa KwaDabeka

Abasolwa abathathu kubikwa ukuthi basale enkundleni esigamekweni sokudubulana namaphoyisa KwaDabeka ngoMgqibelo kusihlwa.

Kulesi sigameko okubikwa ukuthi senzeke ngezikhathi zabo-20:45 kuthiwa amaphoyisa abeqhuba umkhankaso wokulwisana nobugebengu KwaDabeka ngesikhathi ebona imoto ebenabantu abahlanu phakathi.

“Amaphoyisa abeshayela kuKhululeka Road ngesikhathi ebona imoto enabantu abaphakathi abahlanu abe esebayalela ukuba bame kodwa abantu abaphakathi badubula amahlandla emaphoyiseni ngezibhamu ezincane nezinkulu.

FUNDA NALOLU DABA: Kuthiwa ushiye ingane wadla phansi owesifazane ofunelwa elokuthumba

“Amaphoyisa aphindiselile, kwalimala kwashona abasolwa abathathu futhi kwatholakala nezibhamu ezintathu ezingekho emthethweni,” kulandisa amaphoyisa KwaZulu-Natal.

Amaphoyisa athi athole ukuthi imoto ebihamba abaosolwa yadunwa eNewlands West ngaphambilini kule nyanga.

Kuvulwe icala lokuzama ukubulala esiteshini samaphoyisa KwaDabeka ukuze kuphenywe.

Oyi-Acting Provincial Commissioner, uMajor General Bheki Langa, uthi bajabule ngokuthi amaphoyisa aphume engenamyocu kulesi sigameko, wathi bazokwenza isiqiniseko sokuthi abasolwa ababalekile baboshwa ngokushesha.

Image: Pixabay

 

Related Posts