Sekusele amahora ambalwa ngaphambi kokuba umhlaba wonke wazi ukuthi yimuphi umdlali ozoklonyeliswa ngendondo yogoli elivelele iFIFA Puskas Award.
Igoli elaba ngundabamlonyeni elashaywa ngunozinti weBaroka FC u-Oscarine Masuluke liyingxenye yamathathu asesele esigabeni sokugcina nokuzokhethwa kuwo elizowina le ndondo enkulukazi emhlabeni jikelele.
UMasuluke washaya leli goli elinguqethu ngomzuzu wokugcina ngesikhathi ezakhe zitholene phezulu ne-Orlando Pirates ngesizi edlule.
FUNDA NALOLU DABA: BUKA: Igoli likanozinti we-PSL selifakwe kwamathathu okuzokhethwa kuwo
Uzobe encintisana nomdlali we-Arsenal ongowokudabuka eFrance u-Olivier Giroud waseFrance kanye noDeyna Castellanos ongumdlali webhola labesifazane waseVenezuela.
Kulo mcimbi wama-Best FIFA Football Awards ozobanjelwa eLondon ngoMsombuluko (namhlanje) kuzobe kubhekwe ngabomvu nokuthi ubani ozohlabana ngendondo ye-Best FIFA Men’s Player 2017 nalapho kuqhathwe khona izinkunzi. Abadlali abathathu bokugcina okuzokhethwa kubo odle umhlanganiso ngu-Cristiano Ronaldo wasePortugal, uLionel Messi wase-Argentina kanye noNeymar waseBrazil.
Zibonele ngezansi lama goli amathathu okuzokhethwa kuwo:
Image: Image: Pixabay